IZINGWANAKWANE - Imbila yeswela umsila ngokulayezela

Kwesukesukela! Kudala, kwakukhona inkosi yezilwane eyayihlala njalo njalo yenzela izilwane zayo okuhle kodwa ngoba yayizithanda izilwane zayo. Ngolunye usuku lenkosi yahlala phezu kwetshe elikhulu lapho yayithanda ukuhlala khona umaifuna ukubheka izilwane zayo zidla utshani lezo ezidla utshani, futhi zitshakadula lezo ezithanda ukutshakadula. Ngalolosuku inkosi yabona ukuthikukhona okushodayo ezilwaneni zayo. Yabona ukuthi izilwane azizinhle njengoba ithanda ukuba zibe zinhle. Inkosi yezilwane yathi isazibukisisa izilwane zayo yase ibona ukuthi ubuhle bazo bungaphelela uma izilwane zingaba nemisila. Phelangaleso sikhathi izilwane zazingenayo imisila.

Inkosi yezilwane yakhipha isimemezelo sokuthi izilwane zize esigodlweni sayo zizothatha imisila yanoma yiluphi uhlobo ngokuthanda kwazo. Kwakukhona imisila emide, imisila emifushane, imisila emikhulu, imisila emincane nazo zonke izinhlobo zemisila ongazicabanga. Isimemezelo saphuthuma safinyelela kuzo zonke izilwane.Ngosuku lokulanda imisila izilwane zavuka ekuseni kakhulu. Izulu lalikhemezela kancane. Imbila yayilokhu ilele emadwaleni lapho yayihlala khona, yaze yavuswa ngumsindo wezilwane ezazihamba endleleni eya esigodlweni.

“Sawubona weMfene kaMfene,” kusho imbila izelula futhi izamula kubonakala ukuthi inobuthongo.

“Yebo Mbila kaMbila,” kuvuma imfene ihamba ngokukhulu ukushesha.

“Uyaphi izulu lina nje weMfene? Kubuza imbila ilokhu ihlezi phansi.

“Ngiya lapho sibizwe yinkosi khona. Ngiyothatha umsila wami. Woza sihambe phela nawe uyozikhethela umsila owuthandayo.

“Awu ngikhathele mngani [mnngani] wami Mfene kaMfene. Ngicela ubongiphathela umsila nami. Anginandaba noma ungaba njani nje umsila. Ngizobonga kakhulu.

“Kulungile!” Kusho imfene ilokhu ihamba ngokushesha.

Yathi iyosithela imfene kwabe kuqhamuka impunzi igijima ngejubane elikhulu. Imbila yamemeza, yacela ukuthi impunzi iyiphathele umsila noma ngonjani-nje. Impunzi yavuma ingabheki nasemuva kubonakala ukuthi ijabulele ukuyothola umsila wayo. Ngemuva kwempunzi kwendlula idube, lilandelwa yindlovu, kanye nonogwaja. Kuzo zonke lezilwane imbila yayilokhu iyalezele icela ukuphathelwa umsila. Zonke izilwane zazivuma.

Emini lapho ilanga seliyoshona, imbila yabona izilwane sezibuya ngasinye ngasinye isilwane. Zonke zazinemisila emihle kakhulu eyehlukahlukene. Lapho imbila ibuza ukuthi uphi umsila wayo yileso naleso silwane sasithi Mhlawumbe umsila wembilauza nabezayo. Ntambama lapho ilanga seliyoshona zase zihambe zonke izilwane zaphindela emakhaya azo. Akukho nesisodwa isilwane esaphathela imbila umsila. Yakhala kakhulu isibona ukuthi yiyo yodwa engenamsila. Yavele yahamba yayocasha emadwaleni lapho [ikh] ihlala khona ingafuni ukubonwa ngezinye izilwane ezinemisila eyizinhlobonhlobo.

Cosu cosu: iyaphela!

GLOSSARY | PRINT