IZINGWANAKWANE - Umfana namankentshana

Kwesukasukela! Endaweni ekude kakhulu kwaMhlabuyalingana kwakukhona umuzi omkhulu kakhulu. Kulowomuzi kwakunabantwana abaningi kakhulu, kodwa kwakungamantombazana odwa kanye nomfana munye. Amantombazana ayekade esebenza imisebenzi yasekhaya kanye nasemasimini, kanti umfana yena wayelusa izimvu entabeni. Entabeni kwakunamankentshana ayekade ethanda ukudla izimvu nezimbuzi, ngakho-ke umnumzana wakulowo muzi watshela umfana wakhe ukuthi uma ebona amanketshana kumele amemeze kakhulu acele usizo. Nebala umfana wahamba wayowelusa izimvu entabeni. Umfana wayecabanga ukuthi uzothi efika nje entabeni [avole] avele abone amanketshana eseza ezodla izimvu. Wabona kungaqhamuki lutho wayesecabanga ukuthi kuhle amemeze adlale ngabantu abatshele ukuthi amankentshana afuna ukudla izimvu. Wagibela ngaphezu kwetshe elikhulu wayesememeza ngezwi elikhulu:

Zaphela izimvu ngamankentshana!

Zaphela izimvu ngamankentshana!

Amadoda akuleyondawo ezwa kanye-nje igama elithi amankentshana, ayesevele ephuthuma khona entabeni. Lawo madoda anezikhali avele aphuma nazo, kwathi anezibhamu nawo aphuma nazo, kanti amanye aphuma nezinduku kanye nezagila. Ahamba egijima ememeza isiqubulo sempi:

Amankentshana maye akasazi thina

Sizowabhuqabhuqa

siwabhuqebhuqe siwaqede nya

Hha! Thina siyingozi!

Amankentshana maye akasazi thina

Sizowabhuqabhuqa

siwabhuqebhuqe siwaqede nya

Kwathi lapho efika entabeni amadoda esejuluke esemanzi te, umfana wavele walala phansi yinsini. Amadoda abuza umfana ukuthi aphi amankentshana aqeda izimvu. Umfana waqhubeka nokuhleka ethi yena ubekade edlala nje. Amadoda athukuthela agana unwabu atshela umfana ukuthi anagaphindi adlale ngawo. Wavuma umfana. Ngolunye usuku futhi umfana wagibela phezu kwetshe elikhulu wamemeza amadoda endawo:

Zaphela izimvu ngamankentshana!

Zaphela izimvu ngamankentshana!

Kwathi lapho amadoda endawo ezwa igama elithi ëamanketshanaí nje, avele ahloma aphelela ngezikhali, izibhamu, izinduku kanye nezagila aphuthuma khona entabeni. Ngesikhathi ekhuphuka entabeni amadoda ayehamba evuma isiqubula sawo sempi:

Amankentshana maye akasazi thina

Sizowabhuqabhuqa

siwabhuqebhuqe siwaqede nya

Woza!

Amankentshana maye akasazi thina

Sizowabhuqabhuqa

siwabhuqebhuqe siwaqede nya

Lapho efika nje entabeni amadoda avele ezwa ngezwi lomfana elalihleka kakhulu. Amadoda athukuthela kakhulu amtshela umfana ukuthi angayiphindi lento yokudlala ngawo emadala. Avele aphindela emuva emizini. Kwathi nje lapho amadoda eseyofika ngasemizini umfana wabona amankentshana eqhamuka. Ngokwethuka okukhulu umfana wagibela ngaphezu kwetshe elikhulu esememeza ngezwi elifuna ukukhala:

Zaphela izimvu ngamankentshana!

Zaphela izimvu ngamankentshana!

Amadoda alizwa izwi lomfana kodwa akazange nje azihluphe ngokuphuthuma aye entabeni. Avele avumelana nje ngokuthi ha, umfana ulokhu udlala ngawo. Amankentshana angena phakathi emhlambini wezimvu azidla zaphela nya. Umfana waqhubeka wamemeza futhi esekhala nokukhala ethembe ukuthi uzobona amadoda eqhamuka nezikhali zawo. Lashona ilanga umfana wayesehamba eya ekhaya, kodwa kwakungenazimvu. Cosu cosu: iyaphela!

 

GLOSSARY | PRINT