IZINGWANAKWANE - Iselesele nenkomo

 

Kwesukesukela! Endaweni ekude kakhulu, ebizwa ngokuthi kuseMxhaphozini, kwakukhona isiziba lapho izinkomo zaziphuza khona amanzi uma ilanga selishisa emini. Kulesiziba kwakuhlala amaselesele. Ngolunye usuku umama selesele wathatha abantwana bakhe ababenesonto bezelwe wababeka emaphethelweni esiziba lapho kwakuphuza izinkomo khona. Umama selesele wahamba wayofunela abantwana bakhe ukudla. Wabashiya bedlala bodwa abantwana bakhe.

"Salani-ke webantabami. Nibodlala kahle ningalimazani," kusho umama selesele esegxumagxuma elungela ukuhamba.

"Uhambe kahle mama. Usiphathele okumnandi, thina sozodlala kamnandi," sekuphendula abantwana bakaselesele bejabulile.

Kwathi lapho umama selesele esehambile kwaqhamuka inkomo izophuza amanzi.

"Moooo... mooooo" kubhonsa inkomo isondela esizibeni izophuza amanzi.

Abantwana bakamama selesele bethuka kakhulu uma bezwa ukubhonsa kwenkomo. Phela babeqala nokubona isilwane esikhulu ngangenkomo. Bethuka kakhulu bezama ukucasha ngasotshanini yaze yahamba inkomo.

Lapho umama selesele esebuyile abantwana bakhe bavele bakhuluma kanyekanye sebemtshela ngesilwane esikhulu esifike esizibeni ngesikhathi ehambile.

"Mama! Mama! Lapho uhambile kufike isilwane esikhulu kakhulu lapha esizibeni. Thina sethukile wemama. Thina futhi siyesaba wemama," kusho abantwana bakaselesele sebefuna ukukhala.

"Ningakhali bantabami. Akukho isilwane esikhulu kunami lapha."

"Hayi mama siyesaba thina. Isilwane esifike lapha besisikhulu kakhulu!" sekusho abantwana bakamama selesele solokhu bethukile.

Umama selesele wayesezifutha elokhu ekhuluma nabantabakhe,

"Ufuuuuuuu! Ufuuuuuuu! Besingaka isilwane bantabami na?"

"Qhabo mama. Besisikhulu kakhulu!"

Waqhubeka wazifutha umama selesele.

"Ufuuuuuu! Ufuuuuuu! Besingaka isilwane bantabami na?" Kubuza umama selesele ephufumula kakhulu ezama ukuba mkhulu. Baphendula abantabakhe umama bemtshela ukuthi qha, isilwane besisikhulu kakhulu. Waphinda futhi umama selesele wadonsa umoya wezama ukuzifutha kakhulu!

"Huuuuu, ufuuuuuuuu! Huuuuuuu, ufuuuuuuu! Besingaka isilwane bantwana?"

"Qha mama!"

"Huuuuu, ufuuuuuuuu! Huuuuuuu, ufuuuuuuu! Besingaka isilwane bantwana?"

Abantwana baphendula njalonjalo bethi qhabo-bo. Waqhubeka umama selesele ezifutha, awu kwathi esathi uyezama ukuzifutha kwavele kwezwakala nje umsindo omkhulu esepamuka edabuka esisiswini!

Cosu cosu: iyaphela!

GLOSSARY | PRINT